AmaHubo 67:3 - IsiZulu 2020 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Izizwe mazikudumise, Nkulunkulu; bonke abantu mabakudumise. |
Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle.
Igama lakho ngizolenza likhunjulwe yizizukulwane ngezizukulwane, ngakho-ke izizwe ziyokubonga kuze kube phakade.
Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.