Ngokuba umusa wakhe kithina mkhulu, iqiniso likaSimakade limi ingunaphakade. Haleluya!
AmaHubo 67:2 - IsiZulu 2020 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho phakathi kwezizwe zonke. |
Ngokuba umusa wakhe kithina mkhulu, iqiniso likaSimakade limi ingunaphakade. Haleluya!
Ubeke injabulo enhliziyweni yami, eyedlula leyo yesikhathi lapho kunensada yokusanhlamvu, neyewayini labo elisha.
Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.
“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.
Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane.
Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele,
Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.