Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 64:7 - IsiZulu 2020

Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha uNkulunkulu uyakucibishela kubo ngomcibisholo; ngokuzumayo bayakulinyazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 64:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazelele nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli lapho kuhlangana khona ibhantshi lensimbi eliyisivikelo sayo, yathi kumshayeli wenqola yayo: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba sengilinyaziwe.”


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.


Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


ukuze bazume ongenacala bamdubule, bamdubule engazelele; abanaluvalo.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele; ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.


“ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo ngibacibe ngemicibisholo yami:


“Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.