Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 64:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha uNkulunkulu uyakucibishela kubo ngomcibisholo; ngokuzumayo bayakulinyazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 64:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi, yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe;


“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.


“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka