AmaHubo 57:4 - IsiZulu 2020 Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali. Contemporary Zulu Bible 2024 Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali. |
Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso.
Nkosi kuyoze kube nini ubukela na? Sindisa impilo yami ebudloveni babo, ukuphila kwami emabhubesini!
Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho,
Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,
Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama.
Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”
Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.
Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.
Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.
Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
kodwa uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abhimelekhi, uqothule zonke izakhamuzi zaseShekhemi naseBhethi Milo, kuphume umlilo ezakhamuzini zaseShekhemi naseBhethi Milo ubhubhise u-Abhimelekhi.”