UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!
AmaHubo 55:4 - IsiZulu 2020 Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami; amavuso okufa angehlele. Contemporary Zulu Bible 2024 Inhliziyo yami ibuhlungu phakathi kwami, lezivalo zokufa zingehlele. |
UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!
Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
Umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.