AmaHubo 51:9 - IsiZulu 2020 Fihla ubuso bakho ezonweni zami, uzesule zonke iziphambeko zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. Contemporary Zulu Bible 2024 Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke iziphambeko zami. |
Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.
Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.
Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.
umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.
Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni.