Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 51:3 - IsiZulu 2020

Ngiyazazi iziphambeko zami, isono sami siphambi kwami njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami, nesono sami siphambi kwami njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 51:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo.


Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Ngiyasivuma isiphambeko sami, ngiyazisola ngesono sami.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”