Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 51:12 - IsiZulu 2020

Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 51:12
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho, izinyawo zami azizange zishelele.


Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.


Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.


Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.


Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuSimakade, uthokoze ngokusindisa kwakhe.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu ayikho ezandleni zakhe ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba.


nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,


Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.


ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”


INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.