Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yagcwala intukuthelo ngalolu daba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningangitshela yini ukuthi ngobani phakathi kwethu abangasenkosini yakwa-Israyeli na?”
AmaHubo 48:4 - IsiZulu 2020 Ngokuba amakhosi abuthana, aqhubeka kanyekanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bheka, amakhosi ayendawonye, adlula kanyekanye. |
Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yagcwala intukuthelo ngalolu daba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningangitshela yini ukuthi ngobani phakathi kwethu abangasenkosini yakwa-Israyeli na?”
Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?
Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.
Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi: Sinomuzi oqinileyo, usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.
Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.
Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.