USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.
AmaHubo 45:10 - IsiZulu 2020 Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo, Contemporary Zulu Bible 2024 Lalela, ndodakazi, ubeke indlebe, ubeke indlebe yakho; khohlwa abantu bakho nendlu kayihlo; |
USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.
Zaya e-Ofiri, zalanda lapho igolide elingamathalenta angama-420, zaliletha enkosini uSolomoni.
Wathi kuye: “Angiyukuhamba, kunalokho ngizosuka ngiye kwelakithi nasezihlotsheni zami.”
“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;
Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.
“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.
Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.
Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
akhumule izingubo zakhe zokuthunjwa; uyohlala endlini yakho, alilele uyise nonina inyanga yonke, andukuba uye kuye ulale naye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.