AmaHubo 42:8 - IsiZulu 2020 Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami. |
Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.
Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.
USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?
Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.
Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.
Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.
Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokho kuhanjwa kubethwa imitshingo, kuyiwa entabeni kaSimakade, kulo iDwala lika-Israyeli.
khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’
Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.
Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.
“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.