Wathi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe kimi, nansi esakeni lami.” Baphelelwa ngamandla, baqhaqhazela, babukana, bathi: “Yini lena uNkulunkulu asenza yona na?”
AmaHubo 40:12 - IsiZulu 2020 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile; ziningi kunezinwele zekhanda lami; ngalokho inhliziyo yami ingiphazamisile. |
Wathi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe kimi, nansi esakeni lami.” Baphelelwa ngamandla, baqhaqhazela, babukana, bathi: “Yini lena uNkulunkulu asenza yona na?”
Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima.
Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.
Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.
Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.
UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.