Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.
AmaHubo 4:3 - IsiZulu 2020 Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yazini ukuthi uJehova umhlukanisele owesabayo; uJehova uyakuzwa lapho ngimbiza. |
Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.
Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.
Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda.
Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.
Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.
Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”
Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.
Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.
Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,