Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 39:9 - IsiZulu 2020

Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngangiyisimungulu, angivulanga umlomo wami; ngoba ukwenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 39:9
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Kepha mina nginjengesithulu, angizwa, nginjengesimungulu esingakwazi ukukhuluma.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”