AmaHubo 39:12 - IsiZulu 2020 “Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba. |
UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”
“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.
Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?
Ngokuba izinsuku zethu zidlula phansi kwentukuthelo, iminyaka yethu iphela ngokuphazima kweso.
“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.
Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,
Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.