Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 56:8 - IsiZulu 2020

8 Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 56:8
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.


Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.


Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba.


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”


UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka