Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
AmaHubo 38:9 - IsiZulu 2020 Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho; nokububula kwami akufihlekile kuwe. |
Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
UNathaniyeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngaphambi kokuba uFiliphu akubize phansi komkhiwane, ngakubona.”
Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukuba sembathiswe indlu yethu yasezulwini,