u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.
AmaHubo 34:4 - IsiZulu 2020 Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. |
u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.
ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.
Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalo njalo: “Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle yenceku yakhe.”
Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
“Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.
Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”