Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
AmaHubo 3:3 - IsiZulu 2020 Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami. |
Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
zingakapheli izinsuku ezintathu uFaro uzokuphakamisa, akubuyisele esikhundleni sakho, uzomnika indebe yakhe esandleni, njengoba wawenza ngesikhathi usengumphathindebe.
futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uSimakade, nithi: “USimakade uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’
ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’
Kwathi ngonyaka wama-37 athunjwa uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngosuku lwama-27 lwayo, u-Evili Merodaki, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wakhe wokuqala eyinkosi, wamkhulula ejele uJehoyakini, inkosi yakwaJuda.
Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
Namanje ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingizungezile. Ngizonikela ngemihlatshelo, ngihlokome ngentokozo ngisethendeni lakhe. Ngihlabelele, ngidumise uSimakade ngokhehlegume.
USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.
Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.
Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.
Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”
Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.