“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”
AmaHubo 24:2 - IsiZulu 2020 ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba walisekela phezu kolwandle, walimisa phezu kwemifudlana. |
“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”
Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.
USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.
Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.
Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.