Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
AmaHubo 24:10 - IsiZulu 2020 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Ingubani le nkosi ehloniphekile? UJehova Sebawoti uyiNkosi yenkazimulo. Sela. |
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.
“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngalowo lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise neyezingelosi ezingcwele.
“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.”
UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?
silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,