Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 23:6 - IsiZulu 2020

Impela okuhle nomusa kuyohlala kungilandela imihla yonke yokuphila kwami. Ngiyohlala endlini kaSimakade kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Impela, okuhle nomusa kuyakungilandela zonke izinsuku zokuhamba kwami, futhi ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 23:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.


Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.


Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.