Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
AmaHubo 22:9 - IsiZulu 2020 Nguwe owangihlenga esibelethweni ngaze ngazalwa, wangikhoselisa, ngavikeleka esifubeni sikamame. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impela nguwe owangikhipha esizalweni, wangikhoselisa ngasemabeleni kamame. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa nguwe owangikhupha esizalweni sikanina; Wangenza ngaba nethemba ngisesemabeleni kamama. |
Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.