Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.
AmaHubo 22:7 - IsiZulu 2020 Bonke abangibonayo bayangibhinqa, banginkonkozele, banikine amakhanda, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abangibonayo bayangiklolodela, baphukule imilomo, banikine amakhanda, Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abangibonayo bayangihleka; bakhiphe izindebe zabo, banikine amakhanda bathi: |
Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.
Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.
Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.
Usho kanje uSimakade, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelekile oyisinengiso esizweni, noyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona qede asukume; izikhulu zikubone, bese zikhothama ngenxa kaSimakade othembekileyo, oNgcwele ka-Israyeli; okukhethileyo.”
Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;
eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.
Esembhinqile, amhlubula ingubo ebukhwebezane, amembathisa izingubo zakhe, ayesephuma naye ukuba ayombethela esiphambanweni.
Ababedlula lapho bamhlambalaza, benikina amakhanda, bethi: “Ashila, wena odiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu,
Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.