Kepha Wena Simakade, mawungabi kude, Wena mandla ami, shesha ungisize.
Kepha wena Jehova mawungabi kude, wena mandla ami, shesha ungisize.
Kodwa ungabi khatshana lami, O Jehova, mandla ami, shesha ungisize.
Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?
Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami.
Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.
Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo.
Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule. Simakade, mawuphuthume ungisize.
Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Kepha mina ngimpofu futhi ngiyantula, phuthuma ungisize, Nkulunkulu! Ulusizo lwami nomkhululi wami. Simakade, ungalibali.