Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
AmaHubo 21:13 - IsiZulu 2020 Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho. Contemporary Zulu Bible 2024 Phakamisa, Jehova, ngamandla akho; ngakho siyakuhlabelela, sidumise amandla akho. |
Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?
USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.
Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”