“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
AmaHubo 2:4 - IsiZulu 2020 Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ohlezi ezulwini uyakuhleka; uJehova uyakubahleka. |
“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.
Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba, abakhileyo kuwo banjengezintethe; nguyena oweneka izulu njengekhethini, alendlale njengethende ukuba kuhlalwe kulo;
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?