UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.
AmaHubo 2:11 - IsiZulu 2020 Khonzani uSimakade ngokwesaba, nithokoze ngokuthuthumela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Contemporary Zulu Bible 2024 Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. |
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.
USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.
Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?