AmaHubo 2:10 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi; niyaleke nina babusi bomhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Hlakaniphani manje, nina makhosi, nilaywe nina bahluleli bomhlaba. |
Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”
kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.
Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.
Abangayukukhuphuka emindenini yomhlaba baye eJerusalema ukuyokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, abayukuba namvula.