Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.
Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ashumayela inkazimulo kaNkulunkulu; nomkhathi ubonisa umsebenzi wezandla zakhe.
khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.
Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.
Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.
Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela
Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.