AmaHubo 17:8 - IsiZulu 2020 Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho Contemporary Zulu Bible 2024 Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungifihle ngaphansi komthunzi wamaphiko akho, |
Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.
Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela
Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.
uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.
Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.
“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.
“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”