Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
AmaHubo 17:5 - IsiZulu 2020 Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho, izinyawo zami azizange zishelele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli. Contemporary Zulu Bible 2024 Gcina izindlela zami ezindleleni zakho, ukuze izinyathelo zami zingasheleli. |
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”
Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,
Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu ayikho ezandleni zakhe ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba.
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.