Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
AmaHubo 149:1 - IsiZulu 2020 Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisani uJehova. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha nodumo lwakhe emhlanganweni wabangcwele. |
Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,
Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.
Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu; Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli.
Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele.
Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.
Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,”
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.