UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.
AmaHubo 148:7 - IsiZulu 2020 Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke, Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisani uJehova emhlabeni, nina Dragons nakuwo wonke utwa! |
UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.
Wahamba wasifica isidumbu sidindilize endleleni, kumi imbongolo nengonyama eceleni kwaso. Ingonyama yayingasidlanga isidumbu, futhi ayiyidwengulanga nembongolo.
Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.
Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo,