USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!
AmaHubo 147:12 - IsiZulu 2020 Jerusalema, mbabaze uSimakade, Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisa uJehova, wena Jerusalema! dumisa uNkulunkulu wakho, Ziyoni! |
USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!
U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.
Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”
Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”
Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.