Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 147:10 - IsiZulu 2020

Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Akathokozi ngamandla ehhashi; akathokozi ngemilenze yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 147:10
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.


Ungayethemba yini, ngoba amandla ayo emakhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo na?


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”