AmaHubo 146:10 - IsiZulu 2020 USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya! IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya! Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova. |
Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”
Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”
Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.
“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.
Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.
“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.
Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”