Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.
AmaHubo 142:7 - IsiZulu 2020 Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle. Contemporary Zulu Bible 2024 Khipha umphefumulo wami etilongweni, ngidumise igama lakho; abalungileyo bayongihaqa; ngoba uzangenzela umusa. |
Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.
Simakade, ngiphilise ngenxa yegama lakho, ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.
Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.
abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.
UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.
Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.
Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.