Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 141:6 - IsiZulu 2020

Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho abahluleli babo bechithwa ezindaweni zamatshe, bayakulalela amazwi ami; ngoba zimnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 141:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:


Wonke lawa mabutho ayehlelwe ngendlela yokulwa, afika eHebhroni ngenhloso eyodwa, yokuzobeka uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukubeka uDavide abe yinkosi.


UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.


Abantu bakwaJuda bathumba abaseSeyiri abayizi-10 000 babayisa esiqongweni sewa bephila, babaphonsa phansi eweni, baphihlizeka bonke.


Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”