USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.
AmaHubo 140:10 - IsiZulu 2020 Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Amalahle avuthayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni; emigodini ejulileyo, ukuze bangabe besavuka. |
USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.
Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.
Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.
Oyengela abaqotho endleleni embi, nguyena oyokhalakathela emgodini, kepha abangenasici bayodla ifa elihle.
Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.
zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”