Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 19:24 - IsiZulu 2020

24 USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJehova wanisa isibabule nomlilo phezu kweSodoma neGomora kuvela ezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 19:24
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.


U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma.


USimakade wathi: “Ngimfihlele yini u-Abhrahama engikuhlosile na?


Kwathi eqambe efika eZowari uLothi, kwase kuse gelekeqe.


Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Ethendeni laso kuyohlala okungesibo abaso, indawo yaso ichelwe ngesibabuli.


Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


UMose waphakamisa induku yakhe wayibhekisa ngasezulwini, uNkulunkulu wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo, kwehlela emhlabeni. USimakade wehlisa isichotho kulo lonke iGibhithe.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Njengokuchithwa kweSodoma neGomora, nemizi eyakhe ngakhona; akuyukuhlala muntu lapho, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.


Njengalokho uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora, nemizi yawo eyakhelene, kanjalo akuyukuhlala muntu khona, kungagogobali lapho indodana yomuntu,” kusho uSimakade.


Ukona kwendodakazi yabantu bami, kungaphezu kwesono seSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungengazandla zamuntu.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Ngithi kini: kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo lusuku kunakulowo muzi ngomhla wokwehlulela.”


USimakade uyoyenza imvula yezwe lakini ibe ngumsizi nothuli, uthuli oluvela ezulwini, lwehlele phezu kwakho, uze ubhujiswe.


“Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo,


lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.


Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka