AmaHubo 14:4 - IsiZulu 2020 Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova. |
Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.
Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho.
Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.
Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.
Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”
“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.
Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.
Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.
Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.