UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”
AmaHubo 139:2 - IsiZulu 2020 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude. |
UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”
“ ‘Kepha ukusukuma kwakho, nokuhlala kwakho, ukuphuma nokungena kwakho, ngiyakwazi, nokungithukuthelela kwakho.
Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umphrofethi wakwa-Israyeli, oyitshelayo inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhuluma ekamelweni lakho lokulala.”
Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?
“Ngiyakwazi ukusukuma kwakho, nokuhlala phansi kwakho; ukuphuma nokungena kwakho, nokubhovumula kwakho ngami;
UMoya kaSimakade wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Nishilo kanjalo nina ndlu ka-Israyeli, kodwa Mina ngiyakwazi enikucabangayo.
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Akuwena yini engakhuluma ngaye ngezinsuku zasemandulo ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi bakwa-Israyeli ababephrofetha ngalezo zinsuku, iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuthumela kubo ukuba umelane nabo na?
Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane na? Bayakuthokoza, babone itshe lomthofu esandleni sikaZerubhabhele. Amehlo ayikhombisa kaSimakade abheke umhlaba wonke.”
UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?
UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe,
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.
Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”