AmaHubo 136:5 - IsiZulu 2020 owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; IBHAYIBHELI ELINGCWELE owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyena owenza izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade. |
UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo.
UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.
Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
“Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe weneka izulu. Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.