AmaHubo 136:4 - IsiZulu 2020 yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; IBHAYIBHELI ELINGCWELE yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; Contemporary Zulu Bible 2024 Kuye yedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. |
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.
“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.