Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 136:11 - IsiZulu 2020

owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wabakhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 136:11
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakhe wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


Kwakungubusuku bomlindo uSimakade abakhipha ngabo eGibhithe. Ngalobo busuku abakwa-Israyeli bayogcina umlindelo kaSimakade izizukulwane ngezizukulwane.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”


Ngesikhathi uFaro ebakhulula abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabavumelanga ukuba bahambe ngendlela yasezweni lamaFilisti, nakuba yayinqamulela, ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa abantu, uma benqwamana nempi, baguqule umqondo bese bebuyela eGibhithe.”


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.