Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 130:3 - IsiZulu 2020

Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 130:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami.


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.


Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”