Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”
AmaHubo 130:3 - IsiZulu 2020 Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? |
Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”
Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.
Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.
Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,
ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”