AmaHubo 13:5 - IsiZulu 2020 Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho; Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho. |
Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.
Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,
Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo.
nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.