AmaHubo 125:3 - IsiZulu 2020 Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba intonga yababi ayiyikuhlala esabelweni sabalungileyo; ukuze abalungileyo bangeluli izandla zabo ebubini. |
“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.
Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.
Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’